UMKHWANAZI UZOKONYELISWA NGE NEWS MAKER OF THE YEAR


SIZWE BLOSE

ULt General Nhlanhla Mkhwanazi uzokonyeliswa ngendodo, iNews Maker of the Year ka2025. Iningi labantu lithi imfanele lendondo.
 Iningi lithi alikhohlwa u July 6, lapho uMkhwanazi akhipha konke akwaziyo ngenkohlakalo emaphoyiseni.
 Isenzo saMkhwanazi senza kwazaleka, iMadlanga Commission, Ad Hoc Committee, kwamiswa uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu, abanye abafana noBrian Mogotsi baboshwa. 
Iningi lamiswa emsebenzini, kungabalwa noKhomishana kuzwelonke uFannie Masemola, uShadrack Sibiya kanti abanye badlula emhlabeni kubona kungabalwa uWitness D.