UMKHWANAZI UVEZE UKUTHI UNABANYE OZAKWABO KULOKHU AKWENZAYO


LINDOKUHLE NGCOBO 

UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Sibusiso Mkhwanazi, usedalule ukuthi wazibhala namanye amaphoyisa izikhalo aziveza emphakathini ngoJuly wakulo nyaka. Uthi lokhu bekwenza ngenxa yokukhathazeka ngenkohlakalo nokugxambukela okwenza umsebenzi wabo(amaphoyisa) ubenzima. 

UMkhwanazi uveze lokhu kwiKhomishana kaJaji Madlanga ngesikhathi ebuzwa ukuthi kukhona yini amanye amaphoyisa angaphansi kwengcindezi njengaye.