UMKHWANAZI USEPHINDE WAGADLA KUSIBIYA
LINDOKUHLE NGCOBO
UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, usephinde wazifaka zonke enyameni kuLieutenant General Shadrack Sibiya oyiphini likaKhomishana wamaphoyisa kuleli osamisiwe.
Lokhu kwenzeke namuhla ngesikhathi uMkhwanazi ethula ubufakazi kwikomidi lasephalamende (Parliament's Ad hoc Committee) eliphenya ngenkohlakalo esemaphoyiseni.
UMkhwanazi utshele lesi sigcawu ukuthi uSibiya wakhuluma engacabanganga ngoJuly, ngosuku uMkhwanazi aveza ngalo izinsolo zokuthi kunenkohlakalo emaphoyiseni.
"Ngomhlaka 6 July, ngatshela umphakathi ngokwenzeka embuthweni wamaphoyisa. Ngalelo suku uGeneral Sibiya wayesajabulela iholidi leDurban July. Ngosuku olufanayo wakhuluma(uSibiya) kumabonakude. Wakhuluma okuningi, okujabulisayo ngoba wakhuluma engacabanganga," kuchaza uMkhwanazi.
Eqhuba uMkhwanazi uthe uyathemba ukuthi uSibiya uzofika azochaza kuleli komidi azochaza kabanzi ngalo akusho.
Kuzokhumbuleka ukuthi uSibiya wasola uMkhwanazi ngokugxambukela ezindabeni zamaphoyisa aseGauteng. UMkhwanazi uthi yena wayenake umsebenzi wakhe eKZN, basuka bahlakaza uphiko lamaphoyisa eliphenya ngokubulawa kosopolitiki. Uthi lokho kwamphoqa ukuthi enze uphenyo ngokwenzeka eGauteng.
Lesi sigcawu sigcine siqhubekile ngemuva kobuhixihixi bokungabhalwa kwesitatimendi obekumele sifungelwe uMkhwanazi.
Ohola uphenyo u-Adv Norman Arendse uxolisile ngokushaya udaka, wabhala isitatimende ngokuphuthuma.
UMkhwanazi uphinde wagadla kakhulu kwilungu le komidi elimele iDA, uKohler Barnand ngeqhaza lakhe enkohlakalweni eyenzeka emaphoyiseni. Amanye amalungu aphakamise ukuthi ilungu leDA liphume kulo mhlangano.