UMKHWANAZI NOMLAYEZO OSHUBILE EMAPHOYISENI AMASHA


LINDOKUHLE NGCOBO 

UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi wethule ngokusemthethweni amaphoyisa angu-145 Endaweni namuhla oLundi.

Lawa maphoyisa aphothule uqeqesho lombutho wamaphoyisa lezinyanga  ezingu-6. Kuwo kukhona angu-109 esifazane nangu-36 esilisa.

Ekhuluma uMkhwanazi utshele laba bakwasidlodlo ukuthi bagweme ukwenza inkohlakalo noma ukwephula umthetho. Wathi ukuba iphoyisa kuhambisana nobubaqotho,  ezeseke ngelithi izigebengu zijwayele ukufuna ukuba ngabangani namaphoyisa ngoba zifuna ukuvikelwa.

"Abanye bazokujabulela ngenhloso yokukugwazela,  abakubiza ngemali kadrinki,   ungayamukeli. Thanda izwe lakho, hlonipha abantu,  sebenza, hlonipha isifungo owasenza ngesikhathi ujoyina umbutho wamaphoyisa. Vikela izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika nempilo yakho ngaso sonke isikhathi," kuchaza uMkhwanazi.