UMKHWANAZI AKAFUNE MASOSHA EKZN
Lindokuhle Ngcobo
UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uthi izigebengu kumele zisabe ukuba kulesi sifundazwe(KZN).
UMkhwanazi usho kanje ngesikhathi ekhuluma namaphoyisa, ngaphambi kokugasela endaweni yasePoint, eThekwini, izolo ebusuku.
"Kumele senze isiqiniseko sokuthi izigebengu ziyasaba ukuba lapha KwaZulu-Natal. Asingavumi onogada basiphuce umsebenzi wethu sikhona. Asenze isiqiniseko sokuthi asibikhona isidingo sokuthulethwa kwamasosha eKZN. Ngiphatheke kabi izolo(NgoLwesine) uma ngizwa uMengameli wezwe ethi, uzothumela amasosha ukuze alekelele amaphoyisa, lokhu kusho ukuthi umbutho uhluleka ukwenza umsebenzi ogculisayo," kubeka uMkhwanazi.