UMKHANDLU UKOMELISE ABAFUNDI ABENZE KAHLE


Sizwe Blose 

UMkhandlu waseMsinga uklomelise abafundi abenze kahle kwa matric.

UMkhandlu waseMsinga oholwa yiMeya uDokotela Felinkosi Sikhakhane ubungaze abafundi abaphase ngamalengiso kwi class la 2025.

Kulomcimbi umeya akagcinanga ngokukomelisa abafundi kuphela kodwa uphinde waklomelise nothisha kanjalo nezikole ezenze kahle.

UThalente Chonco owenza unyaka wesihlanu kwizifundo zobuDokotela, ubonge uMkhandlu waseMsinga ngokwenza lomcimbi, wathi kukhuthaza abafundi ukuthi benyusa amasokisi ukuze nabo bezophasa kahle .Waphinda wancoma kakhulu uMkhandlu ngokulekelela abafundi ngemali yokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme. 

UThalente ongomunye wabafundi baseMsinga abenza kahle ezifundweni njengoba ngonyaka ka2021 enza ezibikwayo eqoqa zonke izidondo ngenxa yokuphasa ngamalengiso ezifundweni zakhe.

UMeya waseMsinga, uMboma uveze nokuthi ihhovisi letsha lakuloMkhandlu livule izandla ukusiza yonke intsha yaseMsinga ezimisele ngokuqhubeka nokufunda. Waphinda wathi leli hhovisi liphume nomkhankoso wokuhambela izikole zaseMsinga ukuze lisize abafundi ngokubhalisa online uma befaka izicelo zokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme. 

Lomcimbi bewuhanjelwe nayilungu lephalamende uMhlonishwa PN Msimango.