UMKHANAZI UKHALA NGOKUKHISHWA KWEZIBOSHWA EMAJELE


LINDOKUHLE NGCOBO 

LIYAQHUBEKA ikomidi lasephalamende (Parliament's Ad hoc Committee) eliphenya ngenkohlakalo esemaphoyiseni,

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi osaqhubeka nokwethula ubufakazi phambi kwaleli komidi namuhla eKapa esifundazweni saseWestern Cape. Lo Khomishana waseKZN ukhala ngokukhishwa kweziboshwa eziyingozi emajele. 

UMkhwanazi uthi namanje akukaqondakali ukuthi uThabo Bester wakwazi kanjani ukuphuma ejele waze waya kwelinye izwe. 

"Isibonelo sokuthi kukhona okungahambi kahle ngomthetho olawula amajele. Ziningi izibonelo zobugebengu okuhlelwa ngaphakathi ejele. Abantu babulawa ngetulo labantu ababoshiwe. Kudedelwa iziboshwa emajele, ziyobulala abantu bese zibuyiselwa ngaphakathi," kuchaza uMkhwanazi. 

UMkhwanazi uphinde wenza isibonelo ngokubanjwa kukaVusimuzi "Cat" Matlala nomakhalekhukhwini ngaphakathi ejele lasePitoli.