UMISIWE OBESHAYA IQUPHA EMGWAQENI


LINDOKUHLE NGCOBO 

Ibhodi yeKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) imise uMengameli uMnuz Steve Mkasi esikhundleni sakhe okwesikhashana. Lokhu kulandela ukubonakala kwevidiyo esabalele ezinkundleni zokuxhumana, kuyo kubonakale uMkasi elwa nomgijimi we-AmaRavens Athletics Club uSphephelo Ndlovu.

Kuvela ukuthi ingxabano idalwe amazwi abhalwe uNdlovu ezinkundleni zokuxhumana egxeka uMkasi. Isigameko sokulwa kukaMkasi noNdlovu senzeke eMorningside, eThekwini ngoMgqibelo.

Ibhodi le-KZNA libambe umhlangano ophuthumayo, lapho kuthathwe khona isinqumo sokuthi uMkasi amiswe kuze kuphothulwe imiphumela yophenyo oluzimele. Okwamanje uKhura Buthelezi (obenguSekela Mengameli) nguyena obambe izintambo zokuhola lesi khundla.

UMkasi uthathe isinqumo sokuxolisa ekhasini lakhe likaFacebook. Lapho evume khona ukuthi wenze iphutha ekuziphatheni kwakhe.

"Ngenze iphutha ngokuthatha isinqumo sokuthi ngilwe nomuntu. Yize bekubukeka nginezizathu ezifanele zokwenza lokhu engikwenzile kodwa uma sengiyibuyekeza kahle le nto eyenzekile, ngiyabona ukuthi bekungafanele ngenze ngale ndlela engenze ngayo. Ngiyaxolisa kubo bonke okungenzeka ukuba bathintekile ngokwenzekile,” ubhale kanje uMkasi.

UNdlovu uvulele uMkasi icala lokumhlasela.