UMINNIE UFUNA UMACG NOSOL BAGEZE IGAMA LAKHE
SIZO BLOSE
Sekuvele ukuthi umethululi wezinhlelo odumile, uMinnie Dlamini, ufuna R2.5 million kuMacG no Sol Phenduka.
Lokhu kulandela ukuthi bakhuluma kabi ngaye kolunye lohlelo iPodcast & Chill.
Ngalolu suku uMacG noSol bathi isitho sangasese sikaMinnie siyanuka yingakho ebalekelwa abesilisa kumbe bengahlali isikhathi eside abantu abathandana naye.
Lokhu akuhlalanga kahle ngisho kubantu baseNingizimu Afrika, abasigxeka kakhulu isenzo sikaMacG kwazise wayengaqali ukukhuluma kabi ngoMinnie.
Kunesikhathi lapho avele wathi khona uMinnie uyilentombazane elala nabesilisa ukuze athole umsebenzi, waze wagagula neChannel kapho uMinnie ayesebenza khona, ethi lowo msebenzi wawuthola ngokulala nesinye sezikhulu.
Kuthiwa uMinnie kulo uR2.5million, uzothatha imillion kube elakhe ebese ethatha uR1.5 million anikele ngawo esikhungweni salabo abaswele.