UMHOLI WE DA OMUSHA UTHI ISIKHATHI SOKUTHI BAPHATHE UHULUMENI LESI


Umholi omusha weDA, uGeordin Hill-Lewis okhethwe kwingqungquthela ebeyise Gallagher Estate kulempelasonto,  uqale inkulumo yakhe ngokuzibongela kakhulu kubalandeli beDA ngokumkhetha njengomholi wabo.

Ube esebonga kubo bonke abaholi abake baphatha iDA kusuka ku Tony Leon, Helen Zille, Mmusi Maimane no John Steenhuisen athe likhulu iqhaza elibanjwe yilaba baholi ekubekeni iDA lapho ikhona namhlanje.

Uthe inhloso yabo manje ukuphatha amandla ombuso bangabi iqembu nje elikhona kuhulumeni kodwa bawuphathe.

"Mkhulu umsebenzi osihlalele kodwa uma sibambisene sizophumelela," kubeka Hill-Lewis.
Ubongele nalabo akhethwe nabo ikakhulu uSolly Msimanga oyi Federal Chair entsha.
Uphinde wabalula kakhulu ukwenza kahle kwamalungu eDA akuhulumeni, njengase mnyangweni wezaseKhaya, owezeMfundo, Fisheries, wezoLimo, wezokuXhumana, nowezeMisebenzi yomphakathi.