UMHOLI WE ACTION SA UKHWELE WADILIKA KWI IFP
LINDOKUHLE NGCOBO
Umholi we-ActionSA KwaZulu-Natal(KZN) nogaqele isikhundla sokuba uMeya weTheku, uMnuz Zwakele Mncwango, ugadle ephindelela emandleni eqembu i-IFP.
Lokhu kwenzeke engxoxweni ekhethekile abenayo neNews Avenue eThekwini, izolo. Lapho eveze khona ukuthi leli qembu libhekene nezinselelo ezinkulu zombono nekusasa. UMncwango uthi i-IFP iphelelwe ushatini mayelana nemigomo nemibono eyaphambili. Ngokusho kwakhe, leli qembu kalisazi ukuthi lizothini kubavoti ngaphandle kokubuyela emuva emlandweni.
"Njalo uma i-IFP ikhuluma, ijaha ngokufaka igama lomsunguli weqembu ongasekho emhlabeni, uMntwana waKwaPhindangene (Inkosi uMangosuthu Buthelezi), esikhundleni sokubhekana ngqo nenselelo zesikhathi samanje. Yebo siyavuma wayakha iMangosuthu University of Technology kodwa manje sesikhuluma ngezinkinga zamanje," kusho uMncwango.
Ingxoxo ephelele izosakazwa ekhasini likaYoutube weNews Avenue maduze.
I-News Avenue ixhumane ne-IFP ukuze iphawule ngenkulumo kaMncwango yayizolo, nokho ubuholi baleli qembu bulibale emhlanganweni kwaze kwaba sebusuku kakhulu. Nanamhlanje i-News Avenue iqhubekile nemizamo yokuthola uphawula kwe-IFP kodwa kwanhlanga zimuka nomoya kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.