UMHLANGANO OPHUTHUMAYO WE NEC YE-ANC OMAYELANA NE JANUARY 8


I-ANC ibize umhlangano ophuthumayo namalungu esigungu esiphezulu sale nhlangano. 

Inhloso yalo mhlangano ukuhlanganisa amakhanda mayelana neBirthday yaleli qembu okulindelwe ukuthi igujwe kulempelasonto ngoMgqibelo, eNorth West.

Lomgubho we-ANC, waziwa kakhulu ngokuthi iJanuary 8, okuwusuku okwazaleka ngayo lenhlangano.

Ngokujwayelekile kwiJanuary 8 statement, i-ANC isuke inika umhlahlandlela wokuthi kuzokube kwenzakalani kulowonya omusha. 
Isikhathi esiningi okunye okuthintwa kwiJanuary 8 kusuke kuzokapakela nakuhulumeni. Kulena kuzothi ukuba nomehluko njengoba uhulumeni seyiwubambe namanye amaqembu, ngaphansi kwe Government of National Unity.