UMFUNDISI UBHOBOKE NGOKUHLUKUMEZEKA EMSHADWENI


Lindokuhle Ngcobo 

UMFUNDISI uLungile "Lungi M" Magwaza weKingdom Life Ministries  International nophinde amele abafundisi esishayamthetho waKwaZulu-Natal(KZN), uphumele obala ngokuhlukumezeka emshadweni wakhe wokuqala.

ULungi M uveze lokhu engxoxweni ekhethekile neNews Avenue, lapho edalule khona ukuthi washada eneminyaka engu 23 ubudala.
Uthi lowo owayengumyeni wakhe(Lungi M) wayecwile kakhulu ezinkabeni zikaFaro ewumuntu onodlame.

Echaza kabanzi ngokuhlukumezeka kwakhe, uveze ukuthi ngelinye ilanga wake(Lungi M) waboshelwa ilona wesilisa ngaphandle kwemoto maqede wamdonsa kwalamula ukugqabuka kwentambo. 

"Ngaleso sikhathi ngikhululwe, sengizoteta ngoba kwakuyinyanga yesi 9. Wayehlukumeza, ephuza utshwala. Uma ephuzile, wayengivusa ngehora lesi 2 ebusuku, efika endlini bese edlala ingoma eyagwaba yeNcandweni ethi _iZulu ikhaya lami,_ khona izinto ongasoze wazikohlwa. Bese  ethi angimbuke, ngo 2h00 , lapho ngo 5h00, ngiyavuka ngiyemsebenzini. Ngakhoke ngangiku leso simo, " kubeka uLungi M. 

Eqhuba uveze ukuthi wathatha isinqumo sokufaka isehlukaniso kulowo mshado. Waphinde washada okwesibili,  nawo umshado wangaba impumelelo.

Ingxoxo ephelele izosakazwa kuYoutube, weNews Avenue Media.