UMEYA WETHEKU UTHI KUZOSUSWA ABESILISA BASE MALAWI


LINDOKUHLE NGCOBO 

UMeya weTheku uKhansela Cyril Xaba uthi abantu besilisa baseMalawi ebebehlezi eSherwood bazosuswa kule ndawo bayiswe eDrive-In Site enkabeni yeTheku.

Ukhala(uXaba) ngokuthi abantu sebegcwele kakhulu eSherwood, ayisekho ngisho indawo yokuhamba. UXaba uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eSherwood, eThekwini namhlanje.

"Le ndawo isiqale ukungabi nakho ukuhlanzeka. Izingane sezingaze zingenwe yizifo. Manje sesithole enye indawo iseThekwini, ingaphansi kwamakhilomitha amabili ukusuka lapha uya enkantolo. Lapho befika khona bazohlolwa imininingwane yabo. UMasipala usukhiphe amabhasi azosuka eSherwood abayise eDrive-In Site. Uma befika kule ndawo eseThekwini bazothola ithuba lokuphumula kancane balinde ukuthi babizwe enkantolo. Uma umuntu esephumile enkantolo uzobe esengena ebhasini elibuyela ekhaya(Malawi)," kubeka uXaba.

Ugcizelele ukuthi ziyisithupha izinkantolo ezivuliwe. UXaba uthi uyathemba kuzoshesha ukubuyiselwa kwabantu baseMalawi ezweni labo.

Namhlanje kuhambe amabhasi amathathu abethwele iqoqo labesilisa laseMalawi, esuka eSherwood ebheke eMalawi.