UMENGAMELI WASE MALAWI UVAKASHELE ELAKULELI


LINDOKUHLE NGCOBO 

UMengameli waseMalawi uDkt Peter Mutharika, uvakashele ngasese eNingizimu Afrika namhlanje. Ihhovisi likaMutharika alikakhiphi isitatimende esisemthethweni mayelana nenhloso yohambo lwakhe.

Uhambo lwakhe lwenzeka ngesikhathi kunengcindezi evela emibhikishweni weMarch and March, elwa nabokufika ngokungemthetho, ecindezela uhulumeni waseNingizimu Afrika ukuthi axoshe abokufika abangenazo izincwadi ezisemthethweni abavela emazweni afana neMalawi.

Ezinye izakhamizi zaseMalawi okwamanje zihlala ehholo lomphakathi laseSherwood eThekwini, zicela ukubuyiselwa ezweni lakubo. UMnyango Wezasekhaya nehhovisi le-UNHCR baxhumane nabantu baseMalawi ukuthola isixazululo.