UMENGAMELI UZOKWETHULA INKULUMO AYIBHEKISE ESIZWENI


Umengameli Cyril Ramaphosa kuzothi namhlanje ngo 7 ethule inkulumo azobe eyibhekise esizweni.

Kuvele ukuthi uzogxila kakhulu ekubikele abantu baseNingizimu Afrika ngokwenzeke kumbuthano wamazwe ngamazwe, wezinsuku ezimbili iG20, obewubanjelwe okokuqala kuleli lizwekazi lase Afrika.
Kuzokhumbuleka ukuthi iMelika nokuyiyona ezosingatha iG20 elandelayo ayilubhadanga kule ngqungquthela. Kodwa kivela ukuthi konke okunye kwahamba kahle.

Asazi noma uzongena yini kumahlebezi athi uzokwesula njengoMengameli ngemuva kweG20.