UMENGAMELI UBHOBOKA NGOKUNGEZI KWATRUMP KWI G20


Umengameli wezwe uCyril Ramaphosa, uthi indaba  yokuduba izingqungquthela ayisizi ngalutho kwazise izwe elithatha leso sinqumo ilona elilahlekelwa kakhulu.

 Ubekhuluma kanjena kwezinye zezindawo abezihambela ehlanza izindawo ezithize eGoli.
URamaphosa ubezwakalisa ulaka lakhe ngesikhathi ephendula izintatheli mayelana neG20 eqala ngesonto elizayo.

 Ukuqinisekisile ukuthi umengameli waseMelika uDonald Trump ngeke abekhona, kanti akekho ophuma kulelizwe ozokuba khona.
Uthe uMengameli waseChina naye ngeke abe khona ngoba ubesenezinye izinhlelo kodwa kuzofika uNdunankulu wezwe laseChina.

URamaphosa uthe noma kanjani izoqhubeka ingqungquthela kanti elandelayo izosingathwa iMelika. Kubukeka emancane amathuba okuthi iNingizimu Afrika ithole isimemo uma kusenoTrump. Lomengameli uke wabuza ukuthi iNingizimu Afrika ifunani kwiG20.