UMEC WETHULE IKHUSELA ONE STOP CENTRE ETHEKWINI
Ungqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMbali Shinga, kuthe namhlanje wethula ngokusemthethweni iKhusela One Stop Centre eBluff, eThekwini.
Inhloso enkulu yokwethula lesi sikhungo, ukulwisana nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane kanjalo nezingane.
UShinga uthe uMengameli Cyril Ramaphosa ngesikhathi kuneGBVF summit ngoNovember 22, waphakamisa ukuthi zonke izifundazwe zibe nayo iKhusela One Stop Centre. "Inhloso ukuqeda kumbe ukwenyusa isivinini sokulwisana neGBVF," kubeka uShinga.
Uphinde wancoma kakhulu umsunguli weNFP uNkk Zanele Magwaza-Msibi nathe wayengabheki ukuthi abantu bayiqembu liphi lepolitiki, yena wayesiza umphakathi nje kwaphela, wathi nabo bahamba ezinyathelweni zakhe okaMagwaza-Msibi.
"Abantu baseZululand bazokutshele ngemisebenzi emihle abayenzelwe uMagwaza-Msibi ngaphandle kokukhetha ibala," kusho uShinga.
Kulomcimbi kade kukhona noGugu Gumede oyindodakazi kaMagwaza-Msibi naye ozibongele kakhulu emnyangweni ngokuqhubeka nemisebenzi emihle ebeyenziwa unina. "Umama kade ekukhonzile ukusebenzela abantu, bekuphela isikhathi eside singamboni ngenxa yokusebenzela umphakathi. Uphathwe yisifo sohlangothi iminyaka engu 7 kodwa akaze ayeke ukusebenzela abantu. Ngicela ukunika uMEC nayi ingubo, ifana nesipho sikaKhisimusi, nezulu alikho lihle kulezi zinsuku," kuphetha uGumede.