UMEC WAKWA DSD UDALULE UKUTHI KONKE KUHAMBA KAHLE NGE GPU


SIZO BLOSE 

Ungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMhlonishwa uMbali Shinga uthi phansi amaphaphu, umphakathi awukhululeke ayikho lendaba yokuthi bona njenge NFP bazophuma kuhulumeni wokubambisana (GPU).

Ukhuluma kanjena nje kungenxa yemibiko eke yasabalalisa okomlilo wequbula ngempelasonto, lapho onguMenganeli waleli qembu, u-Ivan Barnes evele wathi bazimisele ngokuphuma kulohulumeni ngoba abasabuthembi ubuholi baNdunankulu, uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli.

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uShinga ukubeke kwacaca ukuthi bona kuhulumeni bajabulile ngomsebenzi owenzelwa abantu yilo hulumeni. "Bheka nje ngoLwesithathu sizobe sikuThukela siholwa uNdunankulu ngaphansi kohlelo i-Operation Sukuma Sakhe. Namhlanje siseCharlestown lapho kwethweswa khona iziqu abafundi abangu 200," kuchaza uMhlonishwa uShinga egcizelela ekutheni konke kuhamba kahle kuhulumeni kanti nezinhlelo zokuyisa intuthuku emphakathini aziphazamisekile.