UMEC UYAZIHLANGULA KWELOKUXOSHISA UMSAKAZI


Uyazihlangula uMEC wezeMpilo osolwa ngokuxoshisa umsakazi weVuma FM.

Kuthe uma kuzwakala izindaba zokuxoshwa kukaJacinta Ngobese emsakazweni, kwaqala ukukhuluma. 

Kusuke uMnuz uZwakele Mncwango wasola ukuthi umuntu ongemuva kokuxoshwa kwalesi silomo somsakazi uMEC Nomagugu Simelane, woMnyango wezeMpilo eKZN.

 Akugcinanga lapho kuphinde kwavele intatheli eveze ukuthi inkinga iqale ngomkhankaso osungulwe uJacinta obizwa ngeMarch and March olwisana nabafike ngokungemthetho kuleli.

AbeMarch and March kuthiwa besebeya nasezibhedlela ukuyovimba abokufika ukuthi bangalutholi usizo ezibhedlela.

Inkinga iqale lapho ke ngoba uMnyango ophethwe uNomagugu ube sewuyalela iVuma FM ukuthi ixoshe uJacinta ngale kwalokho ngeke usawunika lomsakazo izikhangiso nokuyizona ezenza lomsakazo uqhubeke nokusebenza. 

Umsakazo kuthiwa ube sewenza lokhu okufiswa umnyango wamxosha uJacinta.

Uziphendulela lo msakazo uthe ayikho leyonto, wona awunawo amandla wokuthathela izinqumo umsakazo.

 Kwenzeka konke lokhu nje uMEC Simelane usanda kutholana phezulu neSolezwe ngombiko awawuveza ukungahambisani kwakhe nokuzinjwa kwabokufika uma bezofuna usizo lwezempilo. Kulombiko kwaze kwavela ukuthi iMEC ithi kumele baboshwe abavimba abafika ngokungekho emthethweni uma befuna usizo.

Iningi labantu baphinde basola abaphathi balo msakazo ngokuba ntekenteke. Bathi umsakazo bekumele uvikele umsebenzi wawo, ungathathelwa umnyango izinqumo. Kuphinde kuvele ukuthi akuqali ukwenzeka lokhu kulomsakazo.