UMDLALO WESHASHALAZI OQWASHISA NGOKUHLUKUNYEZWA KWABESIFAZANE
LINDOKUHLE NGCOBO
SEZIHUBELA sakusha ngomdlalo weshashalazi oxoxa ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane, iGetting Tested ebhalwe uJoy Mbewana onguMengameli we-CCIFSA.
Lo mdlalo uzoqala ngoLwesine mhlaka 13 kuya ngoMgqibelo mhlaka 15 November 2025, eThe Playhouse eThekwini.
UMbewana utshele iNews Avenue ukuthi ziningi izivivinyo abantu besifazane ababhekana nazo empilweni.
"Omunye wabangani bami wadlwengula ngoba nakhu engowesifazane othandana nabantu bobulili obufanayo. Ngesikhathi sihlangana wangitshela ukuthi wadlwengula wafakwa ibhodlela esithweni sakhe sangasese, " kuchaza uMbewana.
Uphinde waveza ukuthi lo mdlalo uzophinde uxoxe indaba ngowesifazane owadlwengulwa nguyise owayengumfundisi. UMbewana uthe konke kuzohlala obala ngosuku lo mdlalo. Wanxusa abantu ukuthi baphume ngobuningi babo, bezobuka lo mdlalo.
Amathikithi eGetting Tested adayisa eWebtickets, elabafundi libiza inani lika-R50, elabantu abadala lingu-R100.