UMDLALI NETULO LOKUTHUNJWA KWAKHE


LINDOKUHLE NGCOBO 

Amaphoyisa aseMpumalanga aphenya ngokuthunjwa komdlali we-PSL okusolwa ukuthi bekuhlelwe nguyena uqobo.

Nakuba amaphoyisa engazange asho igama. Isitatimende samaphoyisa sihambisana nomdlali weMarumo Gallants FC, uThapelo Dhludhlu, oneminyaka engu-27 ubudala.

Umndeni wakhe (uDhludhlu) ubike ngeSonto mhlaka-5 July 2026 esiteshini samaPhoyisa eWitbank ukuthi uthole ucingo kumuntu ongaziwa, obesebenzisa inombolo kaDhludhlu. Lo muntu utshele umndeni ukuthi uDhludhlu uthunjiwe, kufuneka imali engu-R50 000 ukuze adedelwe (uDhludhlu).

Obambe njengoKhomishana wamaPhoyisa eMpumalanga uMajor General Zeph Mkhwanazi uthe lo mdlali ubuyele ekhaya ephephile ntambama ngalolo suku.

"Akukho ubufakazi obuphathekayo bokuthunjwa. Ucwaningo luveza ukuthi kungenzeka lo mdlali nguyena ohlele konke lokhu. Amaphoyisa aphenya ngecala lokuphazamisa ubulungiswa. Siyakugxeka kakhulu ukubikwa kwamacala angasilona iqiniso. Lokhu kuphazamisa umsebenzi wamaPhoyisa kumosha nezinsizakusebenza," kubeka uGeneral Mkhwanazi.

UNgqongqoshe wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko kuzwelonke uMnuz uGayton McKenzie, ubonge obambe njengoNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uSolwazi Firoz Cachalia nethimba lakhe (Cachalia) ngokudalula iqiniso.

"Umdlali ukweleta abantu abaningi, ingakho kade ecashile," kubeka uMcKenzie.