UMCULI WASE SENEGAL UHLULEKE UKUZIBAMBA ISHAYA IMALI


Uhluleke ukuzibamba umculi weR&B, wase Senegal kodwa osezinze phesheya u-Akon ebona izwe lakhe linqoba lishaya iMali ngo 1-0. emcintiswaneni we Afcon ebanjelwe eMorroco.

Uthe ungaphela umdlalo u-Akon wangena enkundleni ezoxhawula futhi ezokwanga bonke abadlali.

Injabulo beyibhalwe ebusweni kulesi sihlabani somculi ngemuva komdlalo.

Kanti kuke kwaba khona noSamuel Eto kudlala iCameroon neBafana Bafana.

Ngeke sikhohlwe nokuba khona kuka Doctor Khumalo waseNingizimu Afrika naye owagcina eduduza abadlali ngemuva kokushawa yiCameroon. 
Labosaziwayo bakukhombisile ukuthanda amazwe abo.

ISenegal njengamanje iyayinuka lendebe.