UMCULI OFUNA UNALEDI APHIWE UTHI AKUKHO OKUDLULA UKUBEKEZELA


UMCULI kaMaskandi uMnotho "Spikili" Dladla, ukhuthaza abantu ukuthi bangalahli amaphupho abo. USpikili ophinde agqame kakhulu nasezinkundleni zokuxhumana uveze lokhu engxoxweni ekhethekile neNews Avenue.

Ekhuluma uSpikili uveze ukuthi ubenesifiso esikhulu sokuhlangana nentokazi engumculi we-Afro-Pop, uNaledi Aphiwe.

"Kwathiwa mina ngiyahlanya ngeke ngihlangana noNaledi. Waze wathi yena uNaledi ngingazami ukusondela eduze kwakhe uzotshela onogada ukuthi bangivimbe ngingasondeli kuyena. Ngigcine ngihlanganile naye(Naledi) emcimbini iGcwalisa Spring Picnic ngonyaka odlule. Nguyena futhi owangibiza emva kwe stage eqeda ukuphuma. Nayizolo kade sicula ndawonye esiteji. Lento isho ukuthi uma ungumuntu akumele ulahle ithemba entweni oyifunayo," kubeka uSpikili. 

Eqhuba uSipikili uthi usebenze kanzima ukuze alandelwe izinkumbi zabantu ezinkundleni zokuxhumana.Wadalula ukuthi usafuna ukuzibona eqhubeka eya phambili ngempilo. 


Ingxoxo ephelele noSpikili izosakazwa ekhasini leNews Avenue Media kuYouTube.