UMCKENZIE UTHEMBISA IVAR MADUZE


Ukuqala kweVideo Assistant Referee eyaziwa kakhulu ngeVAR kubukeka kuseduze kakhulu. 

Lokhu kuqinisekiswe uNgqongqoshe wezeMidlalo uGayton McKenzie ngesikhathi enengxoxo nesinye seziteshi zethelevishini.

Uthe kade yayikhulunywa indaba yeVAR, akukho okusele manje ngaphandle kokuthi iqale. "Imali ikhona, kusele ukuthi kuqalwe umsebenzi manje, neFIFA okuyinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iyangiphusha," kuchaza uMcKenzie.

Besekuyisikhathi eside kukhalwa ngeVAR eMzansi, nobekubangelwa amaphutha enziwa ngonompempe.