UMCHUNU UZISHAYA ISIFUBA NGOKUHLAKAZA I-PKTT
LINDOKUHLE NGCOBO
UZISHAYA isifuba ngokuhlakaza uphiko lamaphoyisa eliphenya ngokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal(KZN) (PKTT) uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu.
Lokhu kuvele namuhla njengoba uMchunu ethula ubufakazi phambi kwamalungu eKomiti lasephalamende i-Ad Hoc , eKapa.
UMchunu uthi akukwazi ukuthi kungaba khona uphiko lamaphoyisa elizoba esifundazweni esisodwa.
"Buningi ubugebengu okwenzeka eNingizimu Afrika. Asikwazi ukuba nophiko oluzogxila ekubulaweni kwamakhansela nezinduna," kusho uMchunu.
UMchunu uphinde wavuma ukuthi wabhalelwa uKhomishana waseKZN uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi umyalezo emcela ukuba babenomhlangano. UMkhwanazi wayefuna ukubikela uMchunu ngokwenzeka embuthweni wamaphoyisa nezinsongo ayezithola nomndeni wakhe(Mkhwanazi). Nokho lowo mhlangano awubangakhona ngoba uMchunu wanqaba.
Leli komiti liphenya ngezinsolo ezavezwa nguMkhwanazi ngoJuly wakulo nyaka. UMkhwanazi waveza ukuthi uMchunu usebenzisana nezigebengu eziyingozi. Wathi kunokugxabukela kosopolitiki emacaleni obugebengu abucayi.
Njengamanje uMchunu uyaqhubeka nokuphendula imibuzo phambi kwamalungu ekomiti le-Ad hoc.