UMCHUNU UTHI USEKUJAHE KABI UKUYOBEKA UHLANGOTHI LWAKHE KWI MADLANGA COMMISSION


SIZO BLOSE 

UNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe, uSenzo Mchunu uthi uselinde usuku lwakhe kuJudge Madlanga.. 

UMchunu ubekhuluma kwesinye seziteshi zethelevishini ngemuva kwe Memorial Lecture abeyenza eRichardsbay. 

Uthe akasakwazi ukulinda ukuze naye aveze uhlangothi lwakhe, ngemuva kwenkulumo eyenziwa uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ngoJuly 6, lapho asho kwagcwala umlomo ukuthi uNgqongqoshe usebenzisana nezigebengu. 

Lokhu kwaholela ekutheni, uMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa athathe isinqumo sokumumisa emsebenzini waphinde wasungula neCommission eholwa uJuge Madlanga, ephenye ngakho konke okungekho emthethweni okwenzeka emaphoyiseni. Yize lingakokwaziwa usuku azovela ngalo uMchunu kodwa ukuqinisekisile ukuthi uzoba khona noma ikanjani.