UMCHUNU UNGENE EZINTANGENI EBUZWA NGOMKHWANAZI


LINDOKUHLE NGCOBO 

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuzwelonke osamisiwe uMnuz Senzo Mchunu, akaphumelanga obala ebuzwa ngokuvuselelwa kwenkontileka  kaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi. 

UMchunu ubuzwe uMnuz Vusi Shongwe oyilungu leKomiti ephalamende (AD HOC Committee), ukuthi engavuma yini kuvuselelwe inkontileka kaMkhwanazi, ezophela ngonyaka ozayo. 

UMchunu akazange anikeze impendulo ecacile. 

"Ufuna ngiphenduli njengomhlali waseNingizimu Afrika. Hhayi leli windi ozama ukungifaka kulo lincane,"  kubeka uMchunu ngamafuphi. 

UMchunu umiswe nje kungenxa yezinsolo ezavezwa uMkhwanazi ngoJuly 6, kulo nyaka. UMkhwanazi waveza ukuthi  uMchunu ungubhululu  nezigebengu eziyingozi.  Wathi(Mchunu) wahlakaza uphiko lamaphoyisa eliphenya ngokubulawa kosopolitiki ngoba evikela obhululu bakhe.

Njengamanje  uMchunu usaqhubeka nokuphendula imibuzo ePhalamende, eKapa.