UMAVAVA UZOBEKA OSOMABHIZINI ABANCANE EQHULWINI


LINDOKUHLE NGCOBO 

Uthembisa ukubeka eqhulwini ukuthuthukiswa kosomabhizinisi abancane, uMnuz Sizwe Mavava Sikhakhane onguSihlalo we-IFP esiyingini saseThekwini nokhankasela isikhundla sokuba iPhini likaMeya kuleli dolobha.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba e-Durban Manor Hotel, eThekwini namhlanje, uSikhakhane ugcizelele ukuthi ukusekela abathengisi basemigwaqweni nalawo mabhizinisi asafufusa kuyinsika yokulwa nobubha, njengoba lezi zinhlaka zondla imindeni eminingi kuleli dolobha.

"SiyiNkatha, umsebenzi wethu omkhulu wukulekelela abantu bakithi abangasizwa muntu. Laphaya emakethe yase-Mansel Road nase-Berea Market kunabantu abathungayo nabasebenzisa amakhambi esintu, kodwa uma ufika kubona, indlela ingqalasizinda ediyazela ngayo ugcine ususaba ngisho ukudlula. Abantu bakithi bacindezelekile." kubeka uSikhakhane.

Eqhuba, ukhale kakhulu ngezinkinga zengqalasizinda ezibhekene nalaba badayisi, waveza ukuthi izimvula zivame ukunetha izimpahla zabo zize zimosheke, okukhinyabeza inzuzo yabo. Unxuse ukuba kwakhiwe ngokushesha izindawo zokuhweba ezifanele, ezivikelekile esimweni sezulu nezinezindawo zokugcina izimpahla ukuze kuvikeleke amabhizinisi alaba bantu.

Kulesi sithangami, kuphinde kwathulwa ngokusemthethweni umncintiswano wezemidlalo, i-South Beach Young Stars Tournament NPC, ehlelwa nguNksz Chwaita Songca ngokubambisana noSikhakhane, ngenhloso yokuhlanganisa nokuvuselela intsha yaseThekwini.
Le midlalo ehlelwe ukuba iqale ngomhlaka 26 kuya ku-27 September, izosonga ngemidlalo yamanqamu ezodlalelwa enkundleni yase-Hoy Park. Lolu hlelo olubhekeke ngomdlandla omkhulu luzobandakanya imidlalo ehlukahlukene efana nebhola likanobhutshuzwayo, ibhola lomnqakiswano (netball), kanye ne-chess.