UMAVAVA AKAYIZWA NGEMPELA EYABOKUFIKA


LINDOKUHLE NGCOBO 

USihlalo omusha we-IFP eThekwini, uMnuz Mavava Sikhakhane, ukhwele wadilika ngodaba lwabantu bokufika abakuleli. USikhakhane uveze ukuthi uyaweseka umkhankaso we-March and March.

Lokhu kuvela engxoxweni ekhethekile uSikhakhane abenayo neNews Avenue namhlanje, eThekwini.

"Uyabona iMarch and March ngiyithanda ngaphezu kwami. Ngisho nami angizithandi kanje. Uyabona uma ngikuxosha kithi, nginalo ilungelo nesizathu sokuthi ngikuxoshelani. Nawe uma ungixosha kini unesizathu sokungixosha. Abantu bokufika nje, mabahambe ngoba lezi zivmvumo kwazona bazintshontshelwa abaholi bethu lapha eNingizimu Afrika ukuthi babenazo," kuchaza uSikhakhane.

Eqhuba ukhala ngezikhungo zoMnyango wezaseKhaya ezisebenza ngokungekho emthethweni. Ingxoxo ephelele izosakazwa kuYoutube weNews Avenue Media.