UMATLALA UYOZAMA IBHEYILI NAMHLANJE ENKANTOLO


Ubuyela enkantolo namhlanje uVusumuzi "Cat" Matlala. 

UMatlala ubekwe icala lokuzama ukubulala intombi yakhe.

 Isicelo sebheyili sachithwa inkantolo yase Alexander, wasidlulisela enkantolo engaphezulu, namhlanje kulindelwe isinqumo sokuthi uyayithola ibheyili noma cha. 

Kwenzeka lokhu nje, iMadlanga Commission ephenya ngenkohlakalo emaphoyiseni kungenzeka iye eKgosi Mampuru lapho okuboshwe khona uCat, ngenhloso yokuthola ubufakazi bakhe mayelana nezenzo zenkohlakalo edla lubi emaphoyiseni.