UMATLALA UMANQIKA UKUDEDELA LONKE ULWAZI


Ukuhlala kukaVusimuzi Cat Matlala phambi kwe-Ad Hoc Committee, eKgosi Mampuru Prison kusathe ukuhlaba ikhefu. UMatlala uqale ngokufunga, ube esesho amagama aphelele. Uveze ukuthi ukhuliswe unina eMamelodi kanti naye ushadelwe unezingane ezingu-9. 

UMatlala ubuzwe ngobuhlobo bakhe noMsibi ongusomabhizinisi  osanda kudlula emhlabeni, wathi uyamazi futhi ubesebenzisa abaqaphi bakhe. Uvumile ukuthi umncwabo kaMsibi wawumkhulu futhi naye wayekhona. Unezinkampani eziningi kidwa ezinye uthi sezavala.

Ubemanqika ukuphawula ngeMed Care Clinic ngoba ethi kunophenyo oluqhubekayo ngalolu daba, kungenzeka agcine esezigaxelisile. 

Kwenzeka konke nje basebenze ngesitatimende esingasayiniwe. Ucele ukuthi ukulalelwa bokufakazi bakhe kunqanykulwe ngo 5 ntambama ukuze azilungiselele kahle.
Kusahlatshwe ikhefu kubuywa ngo 2