UMASIPALA WETHEKU UYAZIQHELELANISA NOKUVIMBA ABE MARCH AND MARCH
Umasipala weTheku sewukhiphe isitatimende ucacisa mayelana nesicelo seMarch and March sokumasha ngomhlaka 30 June kanjalo nokuqinisekisa kwezokuphepha ngalolu suku.
UMasipala weTheku uthe ufuna ukuqinisekisa umphakathi ukuthi kunezinhlelo ezikulona lonke idolobha ezibhekene nezokuphepha.
Umasipala uphinde wakuqinisekisa ukuthi iMarch and March ayikaze inqatshelwe ukuthi imashe kodwa kuphakanyiswe eminye imizila okumele iyisebenzise nakhona kubhekelelwa ezokuphepha komphakathi.
Lesi sitatimende siphinde siveze ukuthi kuzokuba nokusebenzisana okuhle phakathi kweDurban Metro Police kanjalo neSouth African Police Services kuhlanganisa nezinye izinhlaka ezigcina ukuphepha. Siphinde siveze(isitatinende) ukuthi amaphoyisa azokube ebonakala yonke indawo.
Ngomhlaka-25 June izinhlaka zokuphepha zihlanganile nabaholi beMarch and March kuxoxwa kuphinde kuvunyelwana ngezindlela ezizoqinisekisa ezokuphepha kwabantu ngoJune 30.