UMASIPALA WETHEKU UNXUSA UMPHAKATHI UKUTHI UBIKE NGAMAPAYIPI AQHUMILE
UMASIPALA weTheku unxusa umphakathi ukuba ubike ngokuphuthuma amapayipi endle aqhumile noma achichimayo, okuyinkinga edlangile nethinta kabi impilo yabahlali nemvelo. Lo Mkhandlu ukhiphe lesi sicelo nje, ugubha inyanga yezokuthuthwa kwendle neNhlanzeko. Kuvela ukuthi zinyukile izikhalo ezimayelana nokuchitheka kwendle, okwandisa ukungcola kwemvelo nezingozi zempilo.
Le nkinga idalwa ukonakala kwengqalasizinda okubangelwa ukuguguleka kwemishini, ukuntshontshwa kwengqalasizinda.
UMasipala ithi wenza imizamo yokulungisa, lapho kwabelwa khona izimali ezintsha emuva kokulungiswa kwesabelomali
Izakhamizi ziyakhuthazwa ukuba zibike amapayipi aqhumile ku-Water Services Support ngokuthumela iWhatsApp ku 073 158 3477 noma kwinombolo yamhhala ku 080 311 1111.