UMASIPALA UKHALA NGOKULAHLEKELWA IZIZUMBULU


Lindokuhle Ngcobo 

UKHALA ngokulahlekelwa imali engaphezulu kuka R105 million uMasipala wesiFunda iLembe, ngenxa  yamanzi  avuzayo naxhunywe ngokungekho emthethweni.

Lokhu kuvele namuhla, ngesikhathi uMeya weLembe uKhansela Thobani Shandu evakashele izindawo ezivuza amanzi KwaDukuza. Ekhuluma uShandu uveze ukuthi zizolungiswa ngokushesha zonke izindawo ezivuzayo.

"Inhloso yethu ukulungisa amanzi avuzayo nokubhalisa abantu abaxhume amanzi ngokungekho emthethweni ukuze baqale ukuwakhokhela. Siphinde sitshele abantu bakithi, ngohlelo lukahulumeni lokuhlinzeka ngamanzi amahhala kubantu abahola   ngaphansi kuka R3000 ngenyanga," kubeka uShandu.

Ephetha uMeya, udalule ukuthi lo Masipala wesiFunda ulahlekelwe amanzi angabiza inani lika R105 million, ngenxa yengqalasizinda yamanzi esizindala nokuxhunywa kwamanzi ngokungekho emthethweni.