UMASIPALA SEWUBATHUTHELE KWENYE INDAWO ABOKUFIKA
LINDOKUHLE NGCOBO
UMasipala waseThekwini usuthuthele abantu besilisa e-Drive-In-Site, eThekwini entsha ukuze kusheshiswe ukubuyiswa kwabokufika baseMalawi abebehleli eSherwood.
Kuleli sonto, uMeya weTheku uKhansela Cyril Xaba umemezele ukuthi uMkhandlu usuthole indawo yesibili, i-Drive-In-Site, ezosebenza njengesikhungo sesikhashana sokusheshisa inqubo yokubuyiselwa emazweni abo. ISherwood izoqhubeka nokusebenza njengoba kusele abesifazane nezingane.
Enye yezinzuzo zalendawo entsha ukuthi ukungena nokuphuma kungalawulwa ngempumelelo, okunciphisa ukuhamba kwabantu futhi kusize ukubala ngendlela efanele abantu abadinga usizo.
Ekhuluma uXaba ubonge umphakathi we-Wadi 26, izakhamuzi nezinhlangano zamabhizinisi, ngokubambisana nokusekela ukusungulwa kwale ndawo.
“Ngiphinda ngigcizelele ukuthi le ndawo ayihloselwe ukuba yindawo yaphakade. Uhulumeni ukucacisile ukuthi awunanhloso yokusungula amakamu ababaleki. Lesi simo besidinga ukungenelela okuphuthumayo, futhi uhulumeni wenze ngokufanele ukuletha isixazululo esisebenzayo," kubeka uXaba.
Ukuhambisa abantu sebebaqalile, kugxilwe kwabesifazane, izingane, nabantu abanezinkinga zempilo.