UMASEMOLA UZOBUYELA ENKANTOLO NGENYANGA EZAYO


UKHOMISHANA wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola uvele kafushane eNkantolo kaMantshi ePitoli, namuhla.

UMasemola ubhekene necala lokuvikela abasebenzi abakhohlakele mayelana nethenda kaR360 million eyayitholwe uVusimuzi "Cat" Matlala. Icala lihlehliselwe usuku lwangomhlaka 13 May 2026. Lapho kulindeleke ukuthi uMasemola ajoyine uMatlala namanye amaphoyisa angu 12, aboshwe ngenyanga edlule.

Ephawula ngemuva kokuvela eNkantolo uMasemola udalule ukuthi akanacala, ukwenzile okumele akwenze, wahoxisa inkontileka. 

"Angicabangi ukuthi kumele ngabe ngilana namuhla. Kumele ngabe silwa nobugebengu obuhleliwe ngokubambisana. Angiqondi kungani umbuso uthathe isinqumo sokuthi ngijoyine uMatlala namanye amaPhoyisa angu 12," kubeka uMasemola.

Ephetha uMasemola udalule ukuthi okushiwo uKhomishana wamaPhoyisa eMpumalanga osamisiwe, uLieutenant General Daphney Manamela, kwenzeke ngesikhathi esasebenza (uMasemola) KwaZulu-Natal (KZN).