UMASEMOLA UVUMILE SEKUSELE URAMAPHOSA AVUME KWELIKA MKHWANAZI


ZIYAQINA ezokuvuselelwa kwenkontileka kaLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, onguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal ephelelwa isikhathi ekupheleni kwale nyanga. 
 
Umphakathi nabantu abahlukene balokhu bezibuza ukuthi uNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli noKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola bazoyivuselela yini. 

UMasemola utshele i-eNCA ukuthi izovuselelwa inkontileka kaMkhwanazi.

 Wadalula ukuthi njengamanje seziya ngasemaphethelweni izinhlelo zokuvuselelwa kwayo.

"Yebo, usazoqhubeka(uLt General Mkhwanazi) abengu Khomishana wesifundazwe iKZN. Sinobudlelwano bokusebenzisana okuhle, noNdunankulu waKwaZulu-Natal usevumile ukuthi ivuselelwe inkontileka. Njengamanje silandela imigudu efanele yokuvuselelwa kwenkontileka," kubeka uMasemola.

Ekuqaleni konyaka uNtuli uphumela obala ngokuthi kumele ivuselelwe kwenkontileka kaMkhwanazi.