UMAMKHIZE UBHOBOKA NGOBUHLUNGU BOKULAHLEKELWA I-ROYAL AM
LINDOKUHLE NGCOBO
USOMABHIZINISI waseThekwini owaziwayo uShauwn "MaMkhize" Mkhize uhlulekile ukuzibamba wagonyuluka ngobuhlungu bokulahlekelwa iRoyal AM.
UMaMkhize ohambela phezulu kulezi zinsuku ngemuva kokuthenga iqembu laseSwatini iMbabane Highlanders AM FC. Ubhoboke okokuqala ngobuhlungu bokulahlekelwa iRoyal AM, uveze lokhu emsakazweni iMetro FM, izolo ebusuku.
UMaMkhize uqale wabamanqika ukukhuluma ngeRoyal AM. Nebala kwala wagcina esegonyuluka, wathi uphukile emoyeni nasenhlizweni ngendaba yeRoyal AM.
"Ibeke eceleni imali ngiyayisebenzela, leli qembu(Royal AM) nginikele umoya wami nenhliziyo yami kulo. Ngaphezu kwalokho kunabantu ebebesebenza kwiRoyal AM bephila ngayo. Ngibuhlungu ngabantu abalahlekelwe izimpilo zabo ngento ebebengeke bakwazi ukuyilawula," kubeka uMaMkhize ngomuzwa wobuhlungu.
Kuzokhumbuleka ukuthi iRoyal AM ixoshwe i-PSL ngo-April walo nyaka, ngenxa yokwehluleka ukuya emdlalweni ikhala ngokungabi nayo imali. Igcine isigwinywa iSouth Africa Revenue Service(SARS) ngoba uMaMkhize eyikweleta imali elinganiselwa ka-R40 million.