UMALEMA UVEZE UKUTHI ININGI IMALI YOKUHLINZEKA ABAFUNDI
LINDOKUHLE NGCOBO
UMholi we-EFF uMnuz Julius Malema uthi uhulumeni wakuleli unemali eyanele yokuhlinzeka abafundi ngemifaniswano yamahhala njengoba enza okufanayo ngeziboshwa.
UMalema uveze lokhu emcimbini weqembu aliholayo wokugubha usuku lwentsha e-Union Buildings, ePitoli namhlanje.
"Uhulumeni kumele ahlukanise isabelomali kahle ukuze kutholakale imali yezingane zesikole. Ahlinzeke(uhulumeni) abafundi ngemifaniswano, izicathulo nezincwadi mahhala. Aqede ukukhokhela ezinye izidingo ezibiza kakhulu ngokuthi kuthathwe isabelomali esisetshenziselwa iziboshwa sisetshenziselwe izikole," kusho uMalema.