UMALEMA UTHEMBISE UMKHWANAZI UMSEBENZI
Ligubhe iminyaka engu 12. nabalandeli balo eKhayelihle, eKapa iqembu i-EFF elaqembuka kwi-ANC.
Inkulumo yosuku yethulwe umholi ophinde abe ngumsunguli walo leli qembu uJulius Malema.
Lomholi owazakhela olukhulu udumo esekwi ANCYL, ulincome kakhulu igalelo laleli qembu kuleminyaka engu 12 lasungulwa.
Uthe abaningi babengazi nakwazi ukuthi kune channel yepolitiki kwithelevishini kodwa manje bakwazi kahle lokho. "Abanye bebengalwazu nolimi olukhulunywa ephalamende njengo Point of Order kodwa namhlanje bayakwazi lokho," kuchaza uMalema.
Ube esegxeka ne MKP kaMengameli Zuma ngokusebenzisana ne Morocco ecindezele abantu base Western Sahara, wathi bona bahambisana nabantu base Western Sahara.
Ukhale kakhulu ngomqondisi osemnyangweni wezeMfundo, wathi usetshenziswa uDr Blade Nzimande. "Kuzoba nzima kakhulu kuNgqongqoshe omusha uButi Manamela ukusebenzisana nalomqondisi ngoba usetshenziswa uNzimande," kusho uMalema.
Uthe i-EFF iyingxenye kahulumeni ezindaweni eziningi kuleli, wathi lokhu kukhombisa ukukhula kwayo njengenhlangano.
Uphethe inkulumo yakhe ngokuncoma uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi, wathi bona bawiMkhwanazi naye uyibona.
"Uma kungukuthi abayivuseleli inkontileka yakhe, angakhathazeki ngoba i-EFF izomqasha, aqhubeke nomsebenzi wakhe," kuphetha uMalema nabantu bemshayela elikhulu ihlombe.