UMALEMA UKHWELE WADILIKA EPHOYISENI ELIKE LASOLWA UKUTHI LINGUMNGANI


UMHOLI we-EFF uJulius Malema usekhwele wadilika kuLieutenant General Shadrack Sibiya oyiphini likaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke osamisiwe, emsola ngokungabi umuntu oqotho. 

Ekhuluma namuhla esithangamini sabezindaba eGoli, uMalema uthe uSibiya bekungamele aphikisane nokumiswa kwakhe emsebenzini.

"Ukube uSibiya ungumuntu olungile, ubengeke alwisane nokumiswa kwakhe. Kuyimanje kumele ngabe uthatha imithwalo yakhe athathe umhlalaphansi," kusho uMalema.

Igama likaSibiya alisalanga ngaphandle ngesikhathi uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal (KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi eveza inkonhlakalo eyenzeka emaphoyiseni ngoJuly walo nyaka. 

Khonamanjalo, uMalema uphinde waveza ukuthi i-EFF, iyaseseka isiphakamiso sekungabuthembi ubuholi bukaNdunankulu waseKZN, uMnuz Thamsanqa Ntuli. Lesi siphakamiso sizovotelwa ngamalungu esiShayamthetho saseKZN, eMgungundlovu ngoMsombuluko mhlaka 15 December 2025.