UMALEMA UFUNA KUXOSHWE UMCHUNU NGOKUSHESHA



LINDOKUHLE NGCOBO

UMENGAMELI we-EFF uMnuz Julius Malema usephefumule okokuqala emphakathini, mayelana nezinsolo ezivezwe uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi. 

Ekhuluma nenhlangano yezindaba i-eNCA news namuhla enkozweni yomngcwabo walowo owayeyiPhini likaMengameli wezwe uMnuz David Mabuza, eqhubeka eMbombela, eMpumalanga uMalema uthe ulindele ukuthi uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa axoshe ngokushesha uNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli uMnuz Senzo Mchunu.

"UMchunu musha kulo msebenzi kodwa kuyacaca ukuthi useyengekile. Ukhomishana wamaphoyisa(General Fannie Masemola) kumele abuyise ukwethembeka kwamaphoyisa, ngokuthi axoshe bonke oKhomishana bezifundazwe abayizephulamthetho," kuchaza uMalema. 

Udaba lo mbutho wamaphoyisa lusematheni ngemuva kokuthi uGeneral Nhlanhla, ephumele obala ngezinsolo zenkohlakalo eyenzeka ngaphakathi embuthweni wamaphoyisa. Nalapho uMkhwanazi ephume iqhulu noNgqongqoshe uMchunu nePhini likaKhomishana wamaphoyisa kuleli uLieutenant General Shadrack Sibiya.

 Kulindeleke ukuthi uMengameli uRamaphosa abhekane ngqo nalolu daba eliwundaba mlonyeni kulezi zinsuku, kusasa ngehora lesi-7 ebusuku.