UMAKHUBELA WE-MKP UZOZIBAMBELA KWI AD HOC COMMITEE NGEMUVA KOKUSUSWA KUKA SKHOSANA
Iqembu likaMengameli Jacob Zuma, iMKP, lithathe isinqumo sokumsusa uDavid Skhosana ongumkhwenyana ka-Adv Busisiwe Mkhwebane njengelungu elimele leli qembu kwi Ad hoc Committee.
Leli komidi lisanda kuxina ngemibuzo uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi noKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke uFannie Masemola mayelana nenkohlakalo eyenzeka emaphoyiseni.
Lokhu kuqinisekiswe uColleen uMakhubela ongu Sotswebhu waleli qembu ephalamende. UMakhubela uyena ozongena kusukela ngoMsombuluko.
USkhosana usolwa ngokuvele alale, ukuhluleka ukubuza ngendlela imibuzo asuke ephathiswe yona, nokuthi untekenteke noma ubuthaka kakhulu ukuthi abeyingxenye yaleli komiti.
Uke wathi ezoqala nje ukubuza imibuzo kuMkhwanazi, wathi, "washo uMengameli weMKP ukuthi kukhona abayokhala." Kwavele kwanezinto uMkhwanazi azichazayo ezithinta naye uMengameli uZuma.
Kukhona abathi iMKP ayivele ihlasele ngoPapa Penny.