UMAKHOYE UVUMA INDUKU ESHAWA I-SUNDOWNS
UMQEQESHI we-Orbit College uPogiso Makhoye uvume induku yeMamelodi Sundowns, ebashaye ngo 0-2, emdlalweni weBetway Premiership e-Olympia Park, eRustenburg izolo.
Amagoli Amasandawana ashawe nguMiguel Reisinho no-Iqraam Rayners ngesiwombe sesibili.
Ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo uMakhoye, utshele iSupersport TV ukuthi bebengekho ngaphansi kwengcindezi.
"Kwesinye isikhathi uthi uma ubuka imidlalo efana nalena, uvele ubone ukuthi uzohlulwa. Kukhona amaqembu othi uma uwabuka, ubone ukuthi kukhona ongakuthola kuwona kodwa lena (Mamelodi Sundowns) iseqophelweni eliphezulu," kubeka uMakhoye.
UMswenko Boys uhlezi endaweni yesi 15 kwilogi, ngamaphuzu angu 18 emdlalweni engu 21. Kuthi iSundowns ihlezi esicongweni ngamaphuzu angu 47, emdlalweni engu 20.