UMAKHOSI KHOZA USEPHETHE UMSAKAZO


Umsakazi omkantshubovu nosebenzele imisakazo eminingi kulesi sifundazwe, uMakhosi Khoza, usemenyezelwe njengoMphathi omusha weRise FM.

Sekukaningi uMakhosi eyamaniswa nemisakazo eminingi nobekugcina kungenzakalanga. 

Uke wayamaniswa noKhozi FM njengomunye wabazophatha izinhlelo kodwa kwacaca ikuthi amampunge lawo.

Abaningi uMakhosi  Khoza bazomkhumbula esakwi East Coast Radio, wasuka lapho wajoyina iP4, waya kwiRadio 2000, wadlulela  eVuma FM wangcina ekwiGagasi FM njengomunye wabaphathi njengoba esevumbuka kwiRise FM esakazela eMpumalanga.

Lomsakazo uke wasetshenzelwa uVictor Rose Majola, uDJ Sbu, Robert Marawa Zookey Zarling nabanye abaningi