UMABUNDA UFANISA I-SUNDOWNS NEBHUBESI ELILELE
LINDOKUHLE NGCOBO
INXUSA leMamelodi Sundowns uTiyani Mabunda ufanisa leli qembu elinqobe isicoco seligi amahlandla angu-8 kulandelana njengebhubesi elisalele.
UMabunda owayegijima eswini kwiDowns usho lokhu ngaphambi komdlali weBetway Premiership, lapho amaBrazilian ezovakashela iMagesi FC eSeshego Stadium, ePolokwane namuhla ngehora lesi-07h30 kusihlwa.
Ekhuluma kwiMamelodi Sundowns TV uMabunda uthe ngesizini edlule abalandeli bamanye amaqembu babekhuluma, bathi iSundowns isiteketeke kodwa ekugcineni kwaba iyona enqoba isicoco seligi.
"Ungajahi ukuvusa ibhubesi uma lisalele liphumule ngoba lizokuxaka uma selivukile. Jabula nje uma kuseyikhathi sakho ngoba uma sesiqalile ukuhlangana ngeke usimele," kubeka uMabunda.
Eqhuba uthe iSundowns izokwenza isiqiniseko sokuthi imidlalo enjenga lena ayiyithathi kancane.
"Asifuna ukuba ngemuva kwabaphambili kwilogi, njengoba singakaze sibenaso isikhathi sokulungiselela isizini entsha ngenxa yeFIFA Club World Cup. Sizosebenzisa yona imidlalo yeligi ukuhlanganisa kahle iqembu," kuchaza uMabunda.
UMabunda ukhulume kanje nje kulandela ukuthi amaBrazilian ekwazi ukuthatha amaphuzu amane emdlalweni embili yeligi, aphinda adlala ngokulingana emdlalweni womlenze wokuqala kowandulela owamanqamu weMTN8 ne-Orlando Pirates ngempelasonto.
Njengamanje iSekhukhune United iyona esahlezi phezulu kwilogi ilandelwa iKaizer Chiefs, womabili(Kaizer Chiefs neSekhukhune United) lamaqembu esakwazi ukuqoqa wonke amaphuzu emdlaweni emithathu.
Imiphumela yeBetway Premiership izolo: Kaizer Chiefs 1:0 Richards Bay fc, Orbit College 0: 3 Sekhukhune United, Durban City 1:1 Lamontville Golden Arrows, Chippa United 1:4 TS Galaxy neSiwelele 0: 1 Polokwane City.
Imidlalo yanamuhla: Orlando Pirates vs Stellenbosch neqembu AmaZulu vs Marumo Gallants.