ULUNGISA UBHODLA UMLILO NGOKUSUSWA KWEGAMA LAKHE KULABO ABAGAQELE ESOBU MEYA


SIZWE BLOSE 

Akaneme okwangempela u-Andile Lungisa ngokukhishwa kwakhe ekubeni ngomunye wabagaqele esobuMeya Nelson Mandela Bay.

ULungisa oyilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC, usanda kumenyezelwa njengomunye ongase athathe esobuMeya. 

Kumangale abaningi ngesikhathi sekuzwakala ukuthi uLungisa usephinde wahoxiswa.
Ukungenami kwakhe usekuveze ngokuthi avele, afake eNkantolo uNobhala Jikelele we-ANC, uFikile Mbalula kanjalo nale lenhlangano.

Kuzokhumbuleka ukuthi uLungisa akanabo ubuhlobo obuhle ne-ANC eholwa uMengameli Cyril Ramaphosa.

Ngakolunye uhlangothi, kuvela ukuthi uMbalula ukhomba uNobhala we ANC e-Eastern Cape uLulama Ngcukaitobi ukuthi uyena okhupge igama likaLungisa.