ULULEKE NGOKUBALULEKA KWEMFUNDO UMCULI
Lindokuhle Ngcobo
UMCULI kaMaskandi uFeza Langa wodumo lwengoma ethi "uMaqondana", unxusa abafundi abaphumelele umatric ukuthi bagxile kwezemfundo.
Lo mculi ubenandisa eMfolozi TVET College, eNkandla izolo, emcimbini wokuklomelisa abafundi abangu 191, abaphase ibanga leshumi nambili. Laba bafunda abasuka ezikoleni ezahlukene bebengaphansi kohlelo iSTEAM, olushayelwa iNkungumathe NPO.
UFeza udalule ukuthi usandukuphothule izifundo zakhe zobuthishela eNyuvesi yaseFree State.
"Bekungekho lula, ikakhulukazi lena yokushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa, ngeke ngiyigqugqumezele. Ngiyazi baningi abaneziphiwo lana, isiphiwo sokucula, esokudlala ibhola nokunye. Okubalulekile engathi singaqala ngokugijimisa imfundo bafowethu, ikhono sizolibona emva kwemfundo," kubeka uFeza.
Eqhuba uthe ubengumculi ngenxa yokufunda kongqondonkulu, okuyilapho afunde khona okuningi mayelana nomculo.
"Okunye kokugcina, mina ngake ngangaphumelela ku matric. Ngathatha isinqumo sokuyoqala phansi, ebangeni lesi 11," kusho uFeza.