ULT MKHWANAZI UFUNA UR5 MILLION


ULT-General Nhlanhla Mkhwanazi okubhekwe ngabovu azokusho kwikhomishana kaJudge Madlanga kusasa, njengoba engufakazi wokuqala, usethembise ukuthi noma ikanjani uzomubopha uPaul O' Sullivan, ongumphenyi ozimele.

UMkhwanazi uthi ufuna uR5 million ku O'Sullivan  ngokumehlisa isithunzi. Kuzokhumbuleka ukuthi uMkhwanazi ngemuva kwesithangami nabezindaba, ngomhlaka 6 July, u-O'Sullivan washiya angalazi kuMkhwanazi embiza nangesigebengu.

Ukuqala kwekhomishana kaJudge Madlanga kulindeleke ukuthi kuvele izindaba ezizoshaqisa abaningi.